Ingqwele Yosiba MLU GAZU
Sanbona bangani baka Mlungisi Gazu ngidlulisa ukubonga okukhulu ngokuhlala ningeseka ezintweni enginibhalela zona niqhubeke ningayeki
23/08/2026
IThuna
Ikhasi 3
Sathubeleza ngalo ihlathi ilokhu imemeze njalo inkokhokho ezintabeni ubona ngezintuli nangentuthu yezimoto zisha ubulangulangu phesheya.
Sayibona iqhamuka buqamama indiza yethu, saqinisa izinyawo sikhokhoba ngale kwentaba sesibheke kulo leliwa ebengilesaba, kodwa kubukeka bungekho ubungozi obungako ngoba asikadubuli ngisho kanye, ukhomanda waphinde waxhumana nendiza okuyiyo ezobheka isimo, Amasosha ayephezulu akubeka kwacaca ukuthi isimo asisihle neze bayeza laba bantu futhi bayimpi , savele sashintsha icebo sathi ayisale seyehla kube yiyo ezothatha uMengameli.
Sathi siphakathi nalo iwa sigudla intaba, kunehlathi elimnyama esizodlula kulo sase sibhekene nalo, ngabona indwangu ebomvu ithi pheshe ngejubane ehlathini, ngathi ngisafuna ukwexwayisa ozakwethu angibange ngisalikhipha izwi, yayizamula njalo inkokhokho, yashaya kanye sonke salala ngezisu phansi ngezisu saphendula ngayo insimbi yabelungu, ngadubula ngabhekisa lapho ngibone khona indwangu ebomvu, ngashaya ngavithiza izihlahla ngangizwa ngezwi likhala ukuthi bakhona abanembekayo, nakuba sakhona ukuphefumula ingenxa yalo ibhanoyi lethu elavele laqathaza ibhomu, yashaya kwaba mnyama bhuqe, ngathola ithuba lokuvuka phansi, ngezwa into ingithi ngqi umlenze uma ngithi ngiyabheka uMengameli, ngamuthi gxavu emahlombe ngamsukumisa ngagijima naye ngibheke ebhanoyini, bayasiqhweba abaphezulu, ngangidubula ngengalo eyodwa ngiphunga izitha, ngambona umfana woMxhosa enombela ngentambo waze wayongena phakathi ebhanoyini, ngangifisa ukuba nguye, ngazabalaza nami no Mengameli ngaze ngafika kuyo intambo, ngaphusha uMengameli phambili ngasala ngama phansi ngaphenduka ngaphunga izitha ngenhlamvu, lathi uma liqala liphakama ibhanoyi ngakotela ngentambo, lasuka nathi shona phansi ngaseweni lizowela umfula, ngangithi konke sekufeziwe sengiqala nokumamatheka ngibuka phansi ibambene kumnyama bhuqe, ngezwa kuthi bhuuuu, ngathi ngivusa ikhanda ngayibona iphenduka nathi indiza, iyashunqa emsileni, angikangeni ngisho nangaphakathi, yehla nathi indiza isihlehla ibheke phansi eweni, ngabuka phansi, ngalibona ihlashana eliphansi kwewa, liphakathi kwamadwala, angibange ngisacucuza, ngadedela intambo leyo ngakhala kakhulu ngibheke phansi, ngahamba ibangana impela emoyeni ngaye ngathi folokohlo ehlathini, ngawa ngomhlane ngagaxela kulezintandela zezihlahla, ngezwa kusuka izinyoni ziya phezulu zibanga umsindo, ngathi ngisakhokha umoya nekhanda liyazula ngezwa ngayo inhlamvu iphundla izihlahla, ngathi ngivusa amehlo n**i lezinsizwa sezigamenxe kulo iwa leli phezulu ziyadubula zibhekise kimi, kwase kungasekho ukwehla ngoba lezintandela zesihlahla zingibambe ngqi, ngakhumbula ukuthi kambe nasi esami is'bhamu silenga emqaleni, ngasibamba ngasibhekisa khona ngashaya kabili kathathu zawa ezimbili izinsizwa ngazizwa zikhala zehla emoyeni zaye zafolokohlela ehlathini, ezasinda lapho zadla phansi, ngasala ngakhokha umoya ngazama ukwehlela phansi, lisendaweni embi nalo lelihlathi liphansi kwewa, ngehla ezihlahleni ngahlala phansi ngaqhiyama ngedwala ngalalela umsindo wezibhamu uqhuma le kude, ngiyayibona nendiza yethu ishunqa intuthu emnyama le buqamama lapho iphahlazeke khona, ngikhathele ngiyafa, ngikhiphe amanzi ami ngiqhabula kancane, ngahlala lapho ngaze ngazunywa ubuthongo, ngazumeka isikhashana impela ngoba ngathi uma ngiphaphama sengivuswa yikho ukubanda, sekumnyama bhuqe kuheleza umoya obandayo, kuzwakala ukuduma kwempophoma, ngahlala lapho ngalinda kwaze kwasa ngoba kwakungelula ukwehla kuleliwa engingalazi ngomnyama, ngesaba nokukhanyisa ithoshi lami ngingaze ngibize izitha.
Kwathi uma kuntwela ezansi, sewuqalile nomsindo wezibhamu uyaqhuma nakuba ziqhumela kude, ngasukuma ngabamba umgodla wami ngazama ukwehla, kwehleka kanzima amadwala ayashelela ngehla ngezinxabu zezihlahla, ngathi ngisendleleni eyehlayo ngizithele kweyodwa yalezinsizwa engiyishaye izolo yazogamanxa ezihlahleni, yayilenga ikhanda libheke phansi, inhlamvu ngangiyifake ngqo esphongweni, ngasondela kuyo ngafike ngayithi hlwi lento evale ubuso, mameshana uMlungu omhlophe qwa lona, umfaniswano wakhe ubhalwe elinye izwe, kwavele kwangicacela ukuthi lempi ayikho lula njengoba besicabanga, kuhlangene amazwe azosiza amavukela mbuso, ngathi uma ngiqalaza buqamama nasiya isibhamu sakhe, ngiqonde kuso ngisicoshe, kwakuluhlobo olungajwayelekile, ngisithathe ngisigaxe kimi ngibuyele kuye lomlungu, ngimgumule zonke izinhlamvu ayezigaxe emzimbeni, ngivule isikhwama sakhe kwakuno kudla, namanzi, ngithathe amathini okudla, ngiqhubeke nendlela, ngase ngizinikele ukuthi uma kukhona okuqhamukayo ngikuthela phansi uma ngehluleka ngiyofela khona la.
Ngagudla umfula ngenyuka, ngathi uma ngifika phezulu, ngahlala phansi ngadonsa imephu yami, ngayendlala phansi ngabuka ezinye izintuba zokuphuma, ngayibona enye indlela eyabe izongikhiphela ezweni elingumakhelwane, nakuba iqhelile kodwa ngabona kukuhle ngisebenzise yona ngoba ibukeka inakho ukuphepha.
Ngacosha umgodla wami ngaqhubeka nohambo, ngithubeleza ehlathini elimnyama, ngihamba ngethuka izanya, ngiqalaza emuva naphambili, uma kukhona engikusolayo ngiyacasha ngilinde okuzovela, ngahamba ibanga impela laze laphakama nelanga, nomsindo wezibhamu sewehlile sengiwuzwela kude.
Ngathi ngisahamba ngizowela okunye okungumhosha, senginakho lokho kukhululeka okuncane novalo selwehlile, sengethuswa ilezi nyoni ezavele zandiza sengathi kukhona ozethusayo, ngama ngabamba umshini wami ngawuqinisa, ngalalela, ngiyaqalaza sengibambe umoya angisaphefumuli, ngabona izithunzana zithi shwaphe, shwaphe, zilandelana eduze, ngaguqa phansi ngacasha ngalesi sihlahla esiseduze kwami, ngawabona amakhanda elandelana ayakhokhoba azowela umhosha, ngathula du sengiyibambe ngayiqinisa insimbi yami, ngabezwa ukuthi bonke sebedlulile, ngasukuma kancane ngabalunguza, ngezwa kuvumbuka omunye wabo, okusho wayesazikhulula ngoba wagxuma nebhulukwe emaqakaleni wamemeza, angibange ngisamnika ithuba ngoba usengibonile ngavele ngashaya, ngamthela khona lapho phansi kwaba isisukile, zabuya ngamandla lezinsizwa zidubula zibhekise ngakimi, ngabuyela emuva ngalendlela ebengiza ngayo ngibaleka, sengigijima ngezandla phansi ngibuye ngiwe ngiphenduphenduke ngivuke ngidubule, ukuthi zazingigeja kanjani lezinsizwa nami angazi , ngoba ngake ngawa ngagaxela ematsheni, umlenze wabambeka ngqi phakathi kwamatshe ngathi ngiyawudonsa washo ukwephuka, base befike qathatha kwakungasekho ukubaleka, ngavele ngadonsa lesi sibhamu salomlungu, ayi sasingadubuli sasiqotha imbokodo nesisekelo sayo, ngangiyithumela kabili ngibone amadoda elala uyaca, sikhafula umlilo uqobo lwawo, sizamula kugxabhe amathumbu, ngangikhipha onke amangwevu, ngalivithiza ihlathi laze lashunqa intuthu laba mnyama bhuqe, zathi ukuhlehla lezinsizwa zabiza abanye, ngathola ithuba lokuphuma kulomgodi engibambeke kuwe, ngathi uma ngibuka phesheya ngabona amaloli eza elandelana agcwele izinsizwa ngemuva, ngaphinde ngazabalaza ngibaleka, sengizwa ngomsindo ukuthi bayangilandela, ngagijima ngibaleka ngigudla umfula ngiyehla manje, indawo engangibalekela kuyo ngangingazi ukuthi phambili iyaphela, kunamawa anomfula omkhulu ongaweleki.
Ngagijima ngaze ngafika lapho kuphela khona indlela, ngazithela phezu kwamawa amabi, ngake ngacabanga ukuziphosa khona, ngabuye ngathi ake ngife njenge sosha ngingafisi okwegwala, ngiyabezwa ukuthi bayeza futhi balokhu bedubule njalo nakuba bengasang'boni, ngalibuka iwa ngacabanga indodakazi yami noMkami, nganikina ikhanda ngaphenduka ngabuka la engiqhamuke ngakhona.
Ngaqoshama phansi ngavula isikhwama sami, nganginamabhomu amabili phakathi ngakhipha eyodwa ngayicupha ngokushesha ngayinameka edwaleni, ngase ngikhuphukela phezulu edwaleni, ngadubula zambili emoyeni ngenzela ukuba bangibone, nebala kwaba njalo zangibona izitha zeza zigijima, ngehlela ngale kwetshe sengathi ngiyacasha kanti sengiqhela endaweni, ngagudla amadwala ngayocutha buqamama, ngangilokhu ngibuka iwashi lami ngibala imzuzu, zafika zibangisana edwaleni engisithele kulo ngizwa kukhala izihlahla ukuthi baningi laba bantu, ngathi uma sengibabona ukuthi sebefike babaningi ngakuleli dwala, ngase ngiyicofoza into yami, yaqhuma kwasaphazeka idwala, ngabona imlenze iya phezulu kukhala ubumayemaye, ngashaya kuwo lowo mnyama ngenhlamvu, ngavithiza kwasani, zahlehla zabuyela emuva, ngiyabona zazethukile, ngabona ukuthi bayahlehla ngathi angingabe ngisabayeka laba, angilwele ukufa nokuphila ukuze ngithole intuba yokuphuma kulesi sikokela sendawo abangivalele kuso, ngigadla ngalenkunzimalanga yesibhamu asishayi siyaqothula, sengiyokhona nokufika kulezidumbu esezilele phansi ngizikhuthuze amabhomu ezikhwameni ngiwacuphe khona lapho, amanye ngihamba nawo ngibuye ngibaphosele wona uma ngibona sebeseduze kakhulu, isho kanye ibhomu kuhlakazeke kwasani, sekumnyama amahlathi asha ubuhanguhangu kuvimbanise intuthu, ngilokhu ngibaphushe njalo ngingedwa sengibashaya ngezikhali zabo, Yabambana kwaze kwaba ilanga liyashona, bangifuna ngifile laba bantu, kwathi noma kushona iLanga zazilokhu zithelekile izimoto zilayishe izinsizwa, ngizocingwa ngawo umnyama, sengibona ngamathoshi egudla amahlathi.
Akukho okwabe kungijabulisa njengokushona kwelanga ngoba uqeqesho lokulwa ebusuku nganginalo, ngase ngikuqaphelile ukuthi laba bantu engibhekene nabo iningi labo alikuqeqeshelwe ukulwa izimpi, kukhona nokungabafanyana okuncane lapha ukubona ngoba sekulele phansi sekudubulekile ukuthi kanti iNgane engaka lena edubulisa okomuntu omdala,
Kwathi uma sekumnyama, ngathatha izibhamu zami ngazigaxa ngemuva, ngadonsa uhalakasha lommese engase ngizolwa ngawo, nganyonyoba ngaze ngangena phakathi kwabo, baphethe amathoshi bonke bahamba baya cinga, ngangiyifica isanyonyoba insizwa ngiyithi ngqi ngiyivale umlomo ngiyiphe amanxeba ambalwa ohlangothini ithule du, ngiyilalise kahle phansi ngedlulele kwenye.
Seliqale nokuphazima izulu sewuzwa nangomoya obandayo ukuthi imvula iseduze.
(Iyaqhubeka)
04/08/2026
ITHUNA
Isiqephu 2
Sathi uma sibuka ngezipopolo zethu sawabona amaloli ephithizela kude le, laba bantu abayona nencane ingazi' kwabe kucabanga mina lapho ngibuka ngezipopolo ngilele phansi ngesisu, ngalizwa nebhunu eliwukhomanda wethu nalo lisho okufanayo lithi laba bantu abayona nencane ingozi, sizokwazi ukubuya no Mengameli ephila.
Savuka lapho sacosha imgodla yethu sabuka iMap esasihamba ngayo, saqhubeka nohambo olubheke lapho kubhaciswe khona uMengameli. Njengoba sihamba lapha ehlathini sidibana nezidumbu zamasotsha kanye namavukela mbuso, impela kuyabonakala ukuthi kudala yayihlangana phezulu lempi, kusobala ayahluleka amavukela mbuso ukuthola uMengameli.
Sahamba saze safika ezindlini lapho kubhace khona uMengameli, samukelwa ngenhlokomo enkulu, wawuwabona nje amasotsha ase Burundi ukuthi abuyelwa ithemba uma ebona kufika thina, zikhandlekile nazo lezinsizwa kuyasho ukuthi azisabazi ubuthongo,
Sahlanganiswa nomkhuzi omkhulu wamasosha, wasemukela ngentokozo enkulu naye, sahlala phansi naye wasilandisa lonke udaba lwamavukela mbuso, washo khona ukuthi laba bantu abafuni lutho oluphumayo nolungenayo, wayemangele nje naye ukuthi thina sifike kanjani njengoba sithi asikaze sihlaselwe endleleni, washo nesibalo samasosha asephangalele kusukela lempi yaqala, ilapho engabona khona ukuthi laba bantu bayingozi futhi bayayazi into abayenzayo, yasho lendoda ukuthi seyethembe thina, nowethu ukhomanda esabe sihamba naye wachaza ngakho konke esikuphethe nokuzoba lusizo olukhulu, sabe sesicela ukubonana noMengameli, ayisihluphanga lendoda yasihola yasisa lapho evalelwe khona, sathi uma singena samthola ezisonge ngengubo yokulala eliqashana ekhoneni, saba ukungena wasukuma wama ngezinyawo wamamatheka kusobala wabona ngomfaniswano esiwugqokile ukuthi sisuka eMzansi, wasondela kithi eshesha wafike wasixhawula sonke, intokozo nethemba kubhalwe ebusweni bakhe.
Sahlala naye phansi uMengameli, wasilandisa naye akwaziyo, waveza namaqhinga esingawasebenzisa ukuze siphume, wayesekhalela ukuphuma kulendawo, wayezimisele ukukhokha noma ngabe Malini ezofunwa izwe lethu, waze wasithembisa ama bonus ngaphezulu uma lomsebenzi ube impumelelo.
Lavele lamhleka iBhunu lamtshela ukuthi engabe esethuka sesikhona sizomtakula, lasho nokusho ukuthi laba bantu abayona ingozi kangako, nakuba bezenza izigameko futhi sizizwa kodwa lona lathi lazi lukhulu ngamavukela mbuso, wathi uma esho lawo mazwi ukhomanda wethu ngambona emamatheka uMengameli enqekuzisa ikhanda.
Sesiqedile ukuxoxa noMengameli sabe sesicela ukunikezwa ithuba lokuphumula ukuze sizohlela kahle izinto zethu, yaphinde yasihola lendoda yaze yayosifaka kwelinye ihholo elabe ligcwele amasotsha, sathi uma singena kwavele kwaduma indlu yonke bejabula, saxhawulwa semukelwa, zavuma ingoma yazo lezinsizwa uyabona nje ukuthi zijabule ngokufika kwethu, sakhonjiswa imbhede yethu eyabe isemsamo, ngaqonda kowami ngafike ngahlala phansi ngabeka isikhwama sami, ngizizwa ngisekhaya , into nje ngikhathele ngiyafa, ngalala sakuzilahla ngigone isbhamu sami esfubeni angehlukani naso, ubuthongo impela ukufa, ngagcina ngizumekile kuwo lomsindo ongaka wamasosha.
Ngathi uma ngiphaphama ngathola ukuthi iBhunu lihlezi la ezansana kwezinyawo zami lifunda Bible lalo elincanyana, langithi klemu ngeso uma lingizwa nginyakaza laphinde laqhubeka nokufunda, yabe ingalali lendoda, ngavuka ngehla embhedeni ngazelula, ngahlala phansi ngavula isikhwama sami ngakhipha ikopi lami lokudla, ngalivula ngommese ngadla, kusemnyama lapha phandle, kuthe cwaka la ngaphakathi, uzwa ukuqhuma kwezibhamu le kude, onke amasosha ase Burundi awekho kusele thina sodwa, balele laba abanye yimi noKhomanda esihlezi, wadonsa iMap yalendawo esikuyo ukhomanda wangiphosela yona, ngayithatha ngayibuka ngayiphenduphendula, labuza iBhunu ukuthi ngicabangani ngale Map, ngaphinde ngayibuka leMap ngabe sengimkhombisa into engasiphazamisa kuleliqhinga lethu esilihlelile lokweqisa uMengameli.
Ngambonisa enye intaba esabe singayibonanga ngoba sedlula ebsuku khona, lentaba yabe inewa ebili eduze bese kuba umfula ezansi, lendawo yayingaba enkulu inkinga kithi uma izitha zisihlaselela kuyo, ngoba umuntu uma ekuvimbe ngaphambili wabe esevala ngemuva anisenayo indlela yokubaleka benganiqotha ngenhlamvu baniqede nya, wayibuka lentaba ukhomanda wathi akabuboni ubungozi obungako yena ngalendawo iqhinga lakhe lizosebenza.
Sahlala kwaze kwasa lapho simatasa sibopha itulo lokuntshontsha uMengameli, base bevukile nozakwethu, zabuya ngobuningi lezinsizwa zamasosha uma sekukhanya, zangena kwaba mnyama inkambu, zasithola simatasa ngaphakathi sibuka Map abanye bayagqoka.
Ukhomanda wethu watshela ukhomanda wakhona la ukuthi abalungise ngoba impi enhle elwa kusakhanya kwazise nendawo asiyazi kahle. Nebala zanyakaza zonke izinsizwa zase Burundi, nathi sathintitha ezethu izikhali, ngangihlezi ekhosombeni lami sivuma ingoma yethu eyabe ifana nomthandazo kithi
"ayesaba amagwaaaaala"
"dubula dubulaaaaa"
"Yey....yey"
"dubula nges'bhamu"
Yasho lengoma ngezwa kusuka usinga ngakhumbula amazwi kaMama mhlazane ngiphuma okokuqala nezikhwama ekhaya ngiya eRashiya ngiyoqeqeshelwa wona lomsebenzi wathi "Hamba Mfana wami noma kubuhlungu kodwa usukhulile nawe futhi usuyindoda ngiyaziqhenya ngawe, hamba uyobhekana nezinsizwa, ngiyazi angenke wehlulwe ngabanye abafana uyobuya uzomela lelizwe, ngiyaziqhenya ngawe Ndodana, uyindoda ufuze uYihlo wayengavumi ukwehluleka ngamthandela ubuqhwaga bakhe" washo lamazwi uMama zehla izinyembezi ebusweni bakhe, ngazizwa zishisa nakimi emehlweni, laqhamuka seligijima ibhasi sekumnyama uzintuli, ngamshiya emile uMama, wangbuka ngaze ngayongena kuleli bhasi yayisuka njalo, inhliziyo yami yabe isiphambili lapho siya khona.
Kubuya konke okuhle ebengikwenza noMndeni wami, ngikhumbula undodakazi wami noMkami, ngasukuma lapho ngagaxa izinhlamvu zami ngagqoka amagilavu ami, ngathatha umakalabha wami ngawuthi dlu ekhanda ngawufasa kahle lapha ngaphansi kwesilevu, ngadumela isikhwama sami ngasigaxa emhlane, ngathatha inganono yami encane ngayithi shu lapha eqolo, ngadumela ummese wami ngawuthi shu eqolo, ngabamba umshini omkhulu osuvele uhlohliwe ulungele impi, Laliphiyaza ubala iBhunu selibomvu klebhu umjuluko wehla ngezingalo, sathi uma siqeda ukulungisa, sahlanganisa amakhanda sabambana ngezandla sakhuleka senxusa omdala wezinsuku ukuba abe nathi asivikele, ngibambe isandla sebhunu njengoba kubanjwene ngiyasizwa siyaqhaqhazela ngezwa uvalo lungithi heqe, phela lomuntu nami ngethembe yena, uma sekuqhaqhazela yena sizoba yini thina, saqeda ukukhuleka sahlangana ngamakhanda wena owabona abadlali bebholo lombhoxo sashaya isiqubulo sethu, ngisazibuza nanamuhla ukuthi lesi siqubulo sabe sinani ngoba njalo uma siqeda ukusishaya kwakuvele kuvuke usinga kuhlengezele izinyembezi, saphuma lapho sesilandelana siholwa yibo oKhomanda bethu,
Wazitshala ukhomanda wethu ngezwa kuvuka usinga uma ezikhomba ngapha nangapha sezihleleka ngendlela yakhe.
Iqhinga lalithi kuzophuma izimoto zamasosha ezizobe ziphethe isosha elizobe ligqoke isudu lizenza uMengameli, imoto ezobe ihamba lomlisa izobe iqashwe ngezinga eliphezulu, bese kuthi uMengameli yena wayezogqoka ezobusosha njengathi bese sizama ukumnjunjisa ngezinyawo, iyothi ibambana ngale siyobe siphuma ngapha thina ngalendlela esifike ngayo, sase sihlele ukuthi kufike amabhanoyi amabili, elokuqala ngenke lehle kakhulu lizobuka isimo bese lijike, elilandelayo yilo elizocosha uMengameli, sahlukana phakathi thina esivela eMzansi, abanye bazohamba nempi, abanye baqaphe uMengameli, ngangikulabo abazohamba noMengameli, ngaphambi kokuba siphume kulendlu wangibiza uMengameli wangixhawula wangibuza igama, ngamtshela "Ndoda ngiyakwethemba" washo lamazwi uMengameli ngavuma ngekhanda, ngiyazibuza ukuthi ubonani kimi uMengameli ngoba ngiyefana nabanye.
Zaphuma izimoto ezazizoqapha imoto ephethe uMengameli mbumbulu, yayihamba phakathi nendawo ilandelwa iloli eligcwele amasosha namaveni ngemuva, alukho uhlobo lwesikhali olungekho, ngababuka behamba baze bayosithela ngakhuleka ngenhliziyo ngathi "Jehova Mdali wezulu nomhlaba yiba nami ukhumbule konke okuhle engikwenzile" ngathi ngiqeda lomkhuleko wayezikhomba ukhomanda, waphuma esekhokhoba uMengameli, sathi mbo kuye njengezinyosi sikhokhoba sigijima singena ehlathini, asihambanga nebanga elingakanani ngayizwa izamula kabili insimbi yomlungi phesheya ezintabeni sathi ukuma kancane salalela, kwathi nya, saphinde saqhubeka, yaphinde yazamula yasho ilandelana eduze, isaqhuma khona ezintabeni, saguqa sonke phansi, lambamba iBhunu uMengameli lamshova phansi kwalo lamcindezela ngedolo lathula lagada okuzovela, yasho yaphindelela inganono ezintabeni, sekuyezwakala ukuthi ibambene ziqhuma ziyashintshana, was'khomba phambili ukhomanda, sasukuma salandelana sigijima naye uMengameli, sathi sisagijima ngayizwa izamula phambili lapho siya khona, sama sonke, waphinde wazikhomba ngenye indlela ukhomanda, sajika ngalo ijubane, usenamathele kimi uMengameli uma ngithi ngiyaqhela uvele angithi ngqi ngomfaniswano. Lwangena ucingo kumsakazo omncane kaKhomanda luvela kulaba abahambe noMengameli mbumbulu, yafona ikhala lendoda ikhuluma ngesihosho sephimbo izwakala ukuthi isezinhlungwini, yasicela ukuthi asihambe siqinise bayeza laba bantu futhi bayimpi baqotha kwasani' wathi uma eluvala ukhomanda ucingo lwakhe, ngezwa kunyiba in**i ngajuluka ngamanzi ngezwa incweba yami engangiyifaka eqolo iluma, ngathi ngifaka isandla ngiyazenwaya ngabuya nayo incweba yami isigqabukile, ngayithatha ngayithi shu ephaketheni. Wazikhomba phambili ukhomanda akusekho ukujika, siyazizwa ziyaqhuma ezintabeni zidubula zishintsha imsindo, washayela indiza yokuqala ukuba isondele ukhomanda.
(Iyaqhubeka)
31/07/2026
ITHUNA
Isiqephu 1
Ngaphambi kokuthi ngihambe ngathola ithuba lokuyovakasha ekhaya ngiyobona umkami nendodakazi yami uNomzamo, kwakumele ngiyovalelisa kubo ngaphambi kwaloluhambo oluya Burundi.
Asikaze sibuthi quthu ubuthongo ngalobo busuku noMkami uMaZulu, uNdabezitha, uMageba, saxoxa ubusuku bonke kwazise phela ngilivela kancane ekhaya njengoba ngenza lomsebenzi wokuba isosha eliphezulu neliyisethenjwa, kukancane ukuthola isikhathi nomndeni wami, sabe sizixoxela ngezindaba zakudala sikhumbuzana amahlazo ethu esedlule kuwo sisazama ukwazana, sihleka kube mnandi, kwakubuye kube nezikhathi lapho ngixoxela umkami izigemegeme esibhekana nazo uma sihlangabezane nempi kulomsebenzi wethu, ikakhulukazi uma siphumile kuleli.
Namanje ngoba ngizohamba loluhamba umkami ushaya amakhala ubuka indlela okwenzeka ngayo komabonakude la okuthiwa siya khona, ngangingenalo uvalo olungako ngoba lomsebenzi senginesikhathi eside ngiwenza, Kanti futhi izwe esaqeqeshwa kulo labe liphezulu kakhulu ngezoqeqesho lwezempi, uma wawuqeqeshwe eRussia wawuthathwa njengochwepheshe kwezezimpi, kanjalo nathi sasilandwe ngoba amagalelo ethu abe aziwa futhi noqeqesho lwethu sabuya nalo kuma Rashiya, nathi sabe sinanelo gugu lokuyomela uzwe lethu kwamanye amazwe, sasilwela ukubalwa namaqhawe.
MaZulu: "ubungededele abanye kodwa Yise kaNomzamo kulokhu uke uhlale nje nawe, kunini kwasa uhamba kodwa, sekuyoze kufike isikhathi lapho kuyobuya khona izimpahla" kwabe kuzikhalela uMaZulu
Mina: "Ngiyazi Mkami kumele mina nawe sibe nesikhathi sokuba ndawonye, selokhu sashada angikaze nje ngizohlala nani , kodwa ngiyakwethembisa uma ngibuya kuloluhambo ngiyothatha izinyanga ezinhlanu kuya kweziyisithupha ngihlezi nje nawe la ekhaya futhi_ke siyobe sinemali enjengemali, iningi kakhulu imali esethenjiswe yona uma sikwazile ukuxazulula lempi yamaphekula ase Burundi saphinde savikela uMongameli wabo ngempumelelo" kusho Mina ngilungiselela indlela akukho noluncane uvalo.
MaZulu: "ngizwa nginovalo Yise kaNomzamo uma ngibuka izindaba zako Burundi, kubukeka kuyizidla mlilo zabantu lezi, futhi akubona nabantu laba zilwane uqobo lwazo, " kusho umkami etatazela engenzela coffee.
Mina: "uqinisile impela lapho akubona abantu zilwane, kepha_ke ubuchule noqeqesho esinalo yilo olufuneka kuloluhlobo lwezimpi, ses**e sabhekana nezidlova zangempela thina Mageba, ngikhuluma ngabantu bako Ghana, abantu ababila bengabaselwe, into ethi uma ike yathi thushu khona lapha uvele ubone nje ukuthi lomuntu engakudla ngamazinyo, kodwa sasibanqoba kunjalo ngemshini yama Rashiya, namanje sizobuya singenamyocu" kusho mina ngizibuka esibukweni ngifasa uthayi wami.
MaZulu: " nanisengamabhungu lapho, amathambo esashesha, ukube kuya ngami ngabe awuyi Yise kaNomzamo, pho sothinike ngoba phela nakhu njalo imali iyafuneka nanku nomuzi ubheke wena nendodakazi yethu ibheke wena" kusho uMaZulu emamatheka ebeka inkomishi yetiye phezu kwetafula.
Mina: "imali sisazoba nayo mkami, uyabona uma ngibuya kulempilo, kuzomele siyobheka imoto entsha sha, sishintshe nalomuzi ngifuna sinwebe lendlu sengeze amanye amagumbi, ngifuna isithabathaba" kusho mina ngiphuza icoffee lami ngimamatheka.
Sathi sisaxoxa kwakukhala ihuthi yemoto ngaphandle kwabe sekuyibo laba abangilandile, ngavalelisa kuMa Zulu sake sabambana isikhathi eside ekhala umkami, nakimi zagcina sezehla izinyembezi, ngathatha isikhwama sami nebhantshi lami ngaligaxa esandleni ngaphuma ngahamba ngafulathela, ngathi uma ngiyophuma ngesango ngaphendula amehlo ngabuka emuva ngathola umkami emile emnyango engigqolozele, waphakamisa isandla sakuvalelisa, nami ngasiphakamisa ngivalelisa, ngangena emotweni ngahlala ngehlisa iwindi yathi uma isuka ngaphakamisa isandla ngewindi ngavalelisa, ngezwa uvalo luthi gi gi ngangingazi noma sengimbona okokugcina umkami, wasiphakamisa noMaZulu isandla, savalelisana ngaze ngayosithela, angisabingelelanga nakulamadoda agcwele imoto, ngabingelela kamuva, vele iningi labo ngiyalazi ngilazela kuwo lomsebenzi wethu lona nakuba siphuma ezizweni ezingefani, kuhlangene izinhlanga ezehlukahlukene.
Yashosholoza nathi itekisi, silishumi nanhlanu kuletekisi njengoba sibhekise amabombo kwelase Burundi, sihamba nje kuthulekile kuthe cwaka kulemoto elibangise nathi esikhumulweni sezindiza, uyabona ukuthi amadoda aqhatha usizi umuntu ucabanga umndeni wakhe awushiye ngemuva, sasibuye siziduduze ngakho ukuxoxa ngezimpi eses**e sazilwa sazinqoba kalula sithuke sesihleka sonke.
Sahamba saze safika esikhumulweni sezindiza, sehla saboniswa enye indlu eyabe inezikhwama zethu esabe sizohamba nazo, saqonda kuyo lendlu, kwakunezikhwama ezinkulu ezikelile zibhalwe amagama ethu zonke lezikhwama, phezu kwesikhwama sakho kunesibhamu sakho esikhulu kanye nesincane bese kuba uhalakasha lommese, wawungena uqonde kwesakho isikhwama usidumele uhlehle uyoma buqamama usivule phakathi ubheke ukuthi ziphelele zonke yini izinto ozozidinga, kwabe kunomfaniswano wamasosha, isigubhu samanzi, ukudla okuncane, izinto zokugeza, nebhokisi lakho lezinhlamvu, okunye kwathiwa sokuthola phambili, lokhu okokuzigada ngendlela.
Sadumela izikhwama zethu sazitshatha emahlombe saphuma silandelana, ngethuka ngoma ngithola ukuthi sekugcwele abantu emnyango bazovaleliswa, sathi uma siphuma kwaduma ihlombe kwakhala icilongo, lalikhala linkeneneza lihuba ihubo lesizwe ngezwa izinyembezi zishisa emehlweni , yabe iduma indiza yethu isimi ngomumo sekushoda thina, sashaya ujenge saze sayongena phakathi, yavaleka maqede yasuka nathi indiza yaya phezulu, kuthulekile du lapha phakathi kuzwakala ukuduma kwendiza nobuxhakaxhaka bezibhamu, indoda nendoda yabe ilungisa umshini wayo iwuhlela ngendlela efisa ube yiyo, ngangihlezi ngithule du ngibhekene nomunye uBaba weBhunu osemnkantsha ubomvu kulomsebenzi nathi uqobo sikufunda kuye okuningi, ngangithule ngimbuka loBaba, uphethe izithombe zomndeni wakhe, ulokhu ekhipha ngasinye ephaketheni asibuke isikhathi eside maqede asiqabule aphinde adonse esinye, ngambuka eside isikhathi ngaze ngazumeka kwazise asilalanga ubusuku bonke noMaZulu sixoxa ngobusha bethu.
Ngiphaphama ngoba indiza isigudluzela, yabe isihlala phansi, Ngethuka ngadumela isibhamu sami ngithi sekuyiyo impi, lahleka laze laqethuka ikhehla lebhunu,
labe lihlala njalo ibhanoyi, sasifikele kwenye indawo esemngceleni, sasidonswe ngendlebe ukuthi singalokothi singene ngemoto noma ngebhanoyi ngoba laba bantu abangama vukela mbuso bayingozi abafuni lutho olungenayo noluphumayo, sekusele khona ukuthi bafinyelele ku Mengameli lona ababemfunisa okwenyama, thina kwakumele siyolwa nokumkhipha uMengameli, uma esephumile bese sisala sibhekana nalezi zidlamlilo size sizigobe, njengoba silishumi nanhlanu sithathwe ngokwaziwa ukuthi umuntu emunye umele izinsizwa ezilishumi ngempi nangobuhlakani bakhe.
Safikela kulendawo esehlathini, inamaqhugwane amaningi uyabona nje ukuthi kudala kwathuthwa lapha seziyavuthuka nezindlu zakhona, sasiholwa ngenye iNsizwa yakhona eBurundi, yasicela ukuba silinde kulezi zindlu, sekuyothi uma sekuhwalele siqhubeke nohambo lwethu, lensizwa yayizohamba nathi isibonise intuba esizongena ngayo ezweni lase Burundi, uma sesingaphakathi sasizoqhubeka sodwa ijike lensizwa sasizosebenzisa ama Map esinikezwe wona ukuze sifinyelele lapho kubhaciswe khona uMengameli.
Sihlezi lapha nje wonke umuntu uqamele phezu kwesikhwama sakhe ujulile ngomqondo, sahlala lapho ngaze ngazunywa yiso isithongwana futhi, kulezithongwana ngiyayiphupha lempi esiya kuyo, ngangiphupha uMengameli wakhona simthola, futhi simvikela ngempumelelo, ngaze ngaxoxela lomfana woMxhosa engihlezi eduze kwakhe ngathi "uyabona Mfana, sebekhulumile nami abaphansi, loluhambo luzoba impumelelo"
"usitsho Mfana woMzulu, xa usitsho njalo ake ndethembe ukuba akunanto ezasivelela phambili, nami ngithemba inyanya zami kalokhu" kusho umfana woMxhosa elele ebheke phezulu.
Sahlala lapho laze lashona ilanga, kwathi uma kuqala ukuhwalala wonke umuntu wangena kwezakhe zobusosha, sathi uma siqeda yasithatha lensizwa yagudla nathi amahlathi, saguduza ngomnyama, izibhamu ziphethwe ngezandla sihamba emahlathini esingawazi, sizwa imsindo ehlukahlukene yezilwane zehlathi, silokhu silandele lensizwa ngemuva ayikhulumi lutho ilokhu ihamba phambili igodle umshini wayo ngesandla nayo, sahamba saze sayowela umfula omkhulu, sekuphume nenhlamvu kaNyezi sekuncono ukuba mnyama, saguduza saze safika kulentuba esiyongena ngayo, sathi uma sifika yasikhombisa lendoda yabe isisiyalela ukuthi sohamba kanjani uma sesingaphakathi, yaphinde yasidonsa ngendlebe ngobungozi esingehle sibhekane nabo yabe isisifisela inhlanhla kuloluhambo lwethu "
Sabonga kulendoda, sangena silandelana kulentuba encane, sagudla ngawo umnyama sikhilikithela silibangise lapho singazi khona, sahamba kwaze kwacishe kwasa emnyango lutho ukufika asikaboni ngisho ukukhanya lapho siya khona, kwafika lapho sikhathala khona sabheka indawo eyabe iphephile khona lapha ehlathini, saphendla ezikhundla salala.
Savuka sonke sekuse geqe emnyango sekuphume nenhlamvu yelanga, sikwenye indawo esingayazi, kuheleza umoya ofudumele ekuseni kusa, akusabonakali nalapho siqhamuke ngakhona, sisezinkalweni zelinye izwe,
Savuka lapho sadumela izibhamu zethu, sathwala nezikhwama, sake sathi ukubukisana iMephu ngaphambi kokuba siqhubeke nokugudla izintaba, sigudla namawa amabi kulendawo, kwezinye izindawo kwenile kuze kudingeke sisebenzise yona lemimese yethu ukucaba indlela.
Sahamba saze safika kwenye intaba esabe siyalelwe ngayo, sathi uma sikhuphuka sithi cababa esicongweni sentaba, siphosa amehlo phesheya sesibuka ngezipopolo zethu silele ngezisu phansi.
(Iyaqhubeka)
26/06/2026
IZWI LOMFELOKAZI
S3
Ikhasi 15
Wayishaya yazula imoto uMdunge ephikelele khona edolobheni, uMaXulu usewakhiphe onke amehlo ufuna ukubona kahle ngoba akakakholwa neze ukuthi ngabe esakhe lesi s'tolo okukhulunywa ngaso, bathi beqhamuka nje bazithela kuso isitolo sika MaXulu sisha ubuhanguhangu, yathi ima imoto wayesephansi uMaXulu, waguqa phansi ngamadolo wadazuluka wakhala kakhulu, uMdunge wayegijima edishazela ebheke kuso isitolo sekumnyama intuthu bhuqe, wafika kuso wasizungeza ngejubane uyamemeza "heeeelp heeeelp, sizani booo" kumemeza uMdunge n**i izinsizwa ziza ngejubane ziqhwebana zibona uMdunge angithi uyaziwa lapha kwaNongoma njengoba engumuntu womthetho.
Wezwa izwi likhuluma uMaXulu " isala kutshelwa sibona ngomopho haaaa haaaa haaaaa hawu kanti nakuwe kuyazwela" wathi uma evusa amehlo wabona isalukazi sisuka ngakuso isitolo sifulathela kuphephezela izingubo ezinyama bhuqe zikhafula intuthu kanye nomlilo, waphinde wagomondela phansi wakhala kakhulu, Sasha sangqongqa isitolo sekuthe mbo abantu, abanye bazama ukukhipha okukhiphekayo.
(eMpumalanga)
Kuse Mpumalanga , uVusi kanye nesinqanda mathe sakhe bazihlalele phansi kwezihlahla balalele umculo wezinyoni, balele ngemhlane bobabili babuka phezulu ezihlahleni baxoxa ngekusasa labo, nakuba kuhleziwe lapha kuncebelekwa kepha umqondo ka Vusi usalokhu ucabanga lento emehlele eThekwini, uyazama ukuyedlulisa kodwa akuvumi, wayefisa ukuziphindisela kumkakhe ngakho konke asemenze khona, wayefisa nokuziphindisela kwabakubo.
Kukhale umakhalekhukhwini kaNozipho, agxume awubambe "massage" kusho uNozipho... "Ay'bo Vusi"
"Yini? Kubuza uVusi evuka ehlala ngezinqa.
" buka.. buka ingenile imali yakho" kumemeza uNozipho, wavuka ngejubane uVusi wagiya waqephuza ebheke ezansi, wathi uma ebuya lapho wahlangana no Nozipho phezulu babambana baze bayowa phansi ngenxa yenjabulo.
Bahlala phansi babukana emehlweni sengathi bayaphupha "imali engaka kodwa Vusi! kubabaza uNozipho ebuka uVusi emehlweni baphinde babambane bahleke kakhulu.
Wake wathulula uVusi wabuka uNozipho emehlweni, zazehlela izinyembezi zenjabulo " ngyabonga sthandwa sami, ngyabonga kakhulu, ngibonga ngakho konke osungenzele khona kuze kube kufika lapha, ngaphandle kwakho angilutho" kusho uVusi
" Konke engikwenzayo Vusi ngikwenza ngothando" kusho uNozipho esula izinyembezi kuVusi.
Wake wathula uVusi wabheka phezulu zehla ngapha nangapha izinyembezi "Sekuyiso iskhathi madoda, abaaashweeee" kusho uVusi
Nozipho "kuzomele silungise sthandwa sami s**e sishawe umoya sithole noma amawayini nje ambalwa sibungaze injabulo yakho, phela lolusuku luwumlando kuwe Vusi " kusho uNozipho ngenjabula
Vusi "Cha cha cha sthandwa sami ngidinga indawo yokwakha umuzi othi mina, okunye nokunye sobuye sikubone sisenaso isikhathi esanele sokungcebeleka" kusho uVusi
Nozipho (ngokuphoxeka) "yaaaah khona umqondo omuhle nalowo sthandwa sami, ngizokhuluma noBaba ke asis**ele indawo kulezi ezakhe ukuze sakhe isithabathaba, ungesabi nami ngikhona ngizokusiza " kusho uNozipho
"Ungamhluphi uBasi, ngizokhuluma nenduna yangakithi ingis**ele indawo, ngifuna ukwakha khona ngasemakhaya ukuze babone ukuthi uMdali namathongo akithi bangibeke kuphi ngempilo, umndeni wami ubukise kakhulu ngami behlangene nale mbongolo yomfazi engayilobola " kusho uVusi ehlina ubala
Nozipho : (edonsa umoya kakhulu) " kodwa_ke kuzomele sibe nawo omunye umuzi esilungwini Vusi asikwazi ukuyophila impilo yethu emakhaya, cabangela izingane zethu esisazoba nazo" kusho uNozipho
Vusi : "Noma singayakha ibe likhulu imizi kodwa lona ngifuna ube ngowokuqala emzini yethu, futhi uyohlezi uyisikhumbuzo sokuthi impilo ayinjengoba abantu beyicabanga" kusho uVusi
(kwa Nongoma)
Ndlovu (wethukile uzama ukuvuka phansi) "Hawu Zwide, hawu hawu kanti abantu banjani ngampela? yazi ngithi mina..." uNdlovu evuka phansi ethi uyazithintitha kuthi qatha isibhamu phansi asibuthe ngokushesha uzihlekisa ubala asithi shu ngaphansi kojazi sinamanembe egazi.
"ufunani lapha wena Ndlovu? kubuza uZwide eqhugeza kancane esondela kuNdlovu
Ndlovu " Kodwa Zwide ndoda yamadoda, ngizwe bethi mina. .. "uNdlovu ezama ukuchaza amhlale emadevini uZwide
" ngithe ufunani lapha kwami Ndlovu? Ngathini kuwe? kubuza uZwide, baphazanyiswe ukungena kwemoto yamaphoyisa ngesango isidla amagalane, yona kanye lena ebihambe noZwide, onke amehlo ajikele kuyo, ithi ima nje kwehle iPhoyisa lijikele ngemuva lifike livule isicabha, ligxavune lensizwa engaphakathi liyidonsele phansi, yabe isifaswe ngozankosi ezandleni, yayibukeka ididekile lensizwa futhi kubonakala nje ukuthi ayazi lutho, layihlohloloza iPhoyisa lensizwa libheke nayo kuZwide.
"nangu umbulali siyamthola, yonke iminwe ikhomba kuye, kuyavela ukuthi izolo uke waba nenxabano noMufi, futhi kudala emsongela ngokumbulala uma bephuzile" kusho iPhoyisa likhuluma noZwide,
"angazi lutho mina Baba" kuzikhalela lensizwa
"thula wena" kubhoka iPhoyisa
uNdlovu wathola intuba yokuphunyula, wanyobozela waze wayophuma ngesango enganakwe muntu, wayesho ngenhliziyo ukuthi ngasinda emlonyeni weNgwenya bengizoba yini kuZwide.
Zwide: (ecothoza kancane eza kuleNsizwa) "uwena ombulele? kubuza uZwide egqolozele lensizwa.
Inikine ikhanda lensizwa yethukile " ch... Chaaaa, angazi lutho mina " kulandula lensizwa
Phoyisa: " asambe ndoda uyochaza phambili " kusho iPhoyisa liphinde limhlohloloza limbhekise evenini ngemuva lomlisa, wonke umuntu usamangele ukuthi lensizwa ngoba yaziwa njengomuntu ozilungele, nolusizo emphakathini, ikakhulukazi kulabo abasuke befuna ukukhandelwa izibaya baye bacele yona, futhi akekho nowake wayibona iphethe imkhono wekati.
Wayibuka uZwide lensizwa beyiphushela ngemuva evenini maqede bavale thaqa, yakhala yampongoloza ngemuva lendoda izama nokuchaza ukuthi ayazi lutho yona, akekho owayesazoyizwa ukuthi ithini, yayisuka njalo iveni yamaphoyisa wayibuka uZwide yaze yayophuma ngesango.
Zondi "ewu Zwide elwehlanga lungehliyo Ndoda yamadoda" kusho uZondi omunye wamadoda endawo, ethuke ngoba ubengaboni ukuthi kukhona umuntu osemvakwakhe,
Zwide "ewu Nondaba ngigqemeke engeqiwa ntwala, lingilahlile, kepha konke sikubeka kumdali uyena owaziyo" kusho uZwide
Zondi "kunjalo Ndoda yamadoda, baye bethi abefundisi uma befunda lembhalo yabo, konke kunesikhathi sakho, baye bazibale zonke Izikhathi baze babale naso lesi esikuso namuhla, sengathi umoya womfana ungalala ngokuthula, yeka ukulunga kwayo lensizwa , kuzodlula Mkhatshwa sinawe " kuqhuba uZondi
Zwide: "sengidabukela leya ngane egunquza ngemuva kuleya veni, uyay'bona ukuthi ayazi lutho" kusho uZwide ebuka iveni iyosithela phezulu ishiya izintuli ngemuva.
Zondi: (ngokumangala) "ungasho kanjani Zwide umuntu ebulele indodana yakho uthi uyam'zwela? kubuza uZondi ngokudideka
Zwide: " hambohlala phansi Nondaba ngenke ngikusole awazi lutho nawe" kusho uZwide eqhugeza eya endlini yangenhla lapho kugcwele khona abantu abazomkhalisa yena noMkakhe.
Zondi: "Awu angikwazike lokhu! kusho uZondi eshaya ihlombe elincane esuka naye eya phansi kwesihlahla.
(ngakusasa)
UMaXulu akaze abuthi quthu ubuthongo ngemuva kokusha kwesitolo sakhe, ukusa kwaziwa nguye, wavuka kusempondo zankomo wadumela imoto yakhe, wayishaya yazula.
uMdunge wathi uma ephaphama kwase kukhala ibhungezi endlini, wadumela ucingo lwasendlini wazama ukushayela uMaXulu, lwalukhala lodwa lungabanjwa, wayelubuka nje uMaXulu izinyembezi zigcwele amehlo uyashayela ulibangise kwinyanga yakhe uyakhumbula ukuthi yabe imdonse ngendlebe mhlazane eyovala izwi lomfelokazi, yathi akabobuya azovuselela, wakushaya indiva lokho ngoba ubengazitsheli ukuthi isengabuya lento 'waze wangiyala Gudaza muntu weNkosi maqede wafa wangishiya kanje kulolutaku' kwabe kucabanga uMaXulu eguduza ezinkalweni nansi nenhlamvu yelanga isize imphumela endleleni ulibangise kuye uPhakathwayo.
Wathi uma eqhamuka phesheya uMaXulu ephosa amehlo ezansi emzini weNyanga wakhangwa isiphithiphithi sabantu esihamba nentuthu eshunqa ebaleni, lumuthi heqe uvalo 'kambe kungangiphinda yini okwangehlela kwaMhlabuyalanga? kuzibuza uMaXulu abuye azikhuze "ay' hleze kukhishwa amathwasa phela lomuntu uyiNyanga eyaziwayo, ukube akasekho emhlabeni ngabe sesizwile" kusho uMaXulu esondela, wathi uma efika ngaphandle komuzi wamisa imoto, wehla wathatha iduku lakhe walithi mbo ekhanda washaya kancane eza ngasesangweni, ahlangane neThwasa liza lishesha alivimbe "uxolo sisi" kusho uMaXulu, likhothame ithwasa lilalele
MaXulu "angazi noma ngifike ngesikhathi esikahle yini? ngifuna ukubona uBaba uGumede kuyaphuthuma" kusho uMaXulu ebheke phansi
"kwakubi ukuzwa lokho, lomuntu omfunayo sekuphele izinyanga ezintathu samfihla, njengoba ubona kuphithizela nje kugezwa izikhwama zakhe" kusho leli thwasa
"Awu kodwa ungangilinga yini Msakade sezulu" kusho uMaXulu
"phephisa sisi nkos'yami, ngiyazi ubelusizo kangakanani umkhulu ebantwini, sebebaningi befika bezomfuna kodwa bethole ukuthi akasekho" kusho ithwasa lizama ukududuza uMaXulu
Livele lidume kakhulu ikhanda kuMaXulu "akekho nomunye nje umuntu omaziyo ongaba usizo njengo Baba uGumede? kubuza uMaXulu
Ithwasa " nakuba bekhona abantu sisi wami, kodwa ukusebenza ngenke kufane, ukube nginguwe mina bengizohamba ngiyofuna ugobela oyedwa kulaba ababephekwe nguye uMkhulu uGumede, ngineqiniso lokuthi bona basazi kancono isandla sakhe" kusho iThwasa
"Ake ungiyalele oyedwa wabo ngiphuthume khona manje" kusho uMaXulu ehlahla amehlo usejahe ukuzwa
"ukhona ongapha eMandeni, bathi uBaba uManyasa, ngiye ngizwe bemtusa kakhulu yena ngoba naye ubengapheli lapha esigodlweni sika Mkhulu, ngiyazi kukude kodwa uzoluthola usizo sisi" kusho iThwasa
Akabange esabuza nesigodi leso akaya kuso uMaXulu wavele wabonga wasukisa okwenhlamvu ebheke emotweni yakhe, wangena esehefuzela wayidumisa yayihlehla njalo ijika ifulathela, lambuka waze wayosithela iThwasa lasho kancane lathi "ohhh hheeee ziqalile ziyabahlupha izithwalo zabo" lalisho libuka izintuli ithwasa zishunqa phesheya ziyosithela, idla amagalane lapha emgwaqeni imoto kaMaXulu usefisa nokundiza, luphinde lukhale ucingo kusashaya yena uMdunge useshaya ngenamba yasehhovisi lakhe, aluzibe futhi uMaXulu uze anxaphe yedwa, lubelesele ucingo akapheli mandla uMdunge, aze agcine alubambe uMaXulu "Ya" kusho uMaXulu
Mdunge : "hhey kanti ukuphi nakhu ngithola ucingo kuthiwa umuzi yakho uyasha, kanti kwenzakalani sthandwa sami ? kubuza uMdunge ehefuzela.
" ini? kubuza uMaXulu ngokwethuka, wathi uma ethi uvusa amehlo yabe isidla isikhotha imoto wababaza kwaba kanye "Hawe Mah" yabe isiphezu kwaso isihlahla, yasishaya yaze yaphakama ngemuva kwavuleka zonke izicabha, waphumisa okweselesele uMaXulu waze wayowa njengalaphaya wathula du.
Mdunge: "MaXulu, MaXulu, MaaaaXuuuuulu" kumemeza uMdunge ocingweni uyawuzwa lomsindo njengoba wenzeka maqede kuthi nya, walugaklaza phansi ucingo ngokushesha, wadumela isibhamu sakhe nokhiye wemoto yomsebenzi waqonda emnyango esedishazela "kanti kwenzakalani? Kuzibuza uMdunge
" uxolo Mr Mdunge ngabe konke kuhamba kahle? kubuza uNobhala
"Ngiyabuya Ntomb'zodwa, utshele abangifunayo ukuthi angikho" kusho uMdunge egxadazela.
UMaXulu waphaphama ngoba esevuswa ngezinye izinsizwa ezazedlula ngendlela, uzizwela kude sengathi ziyamemeza zithi " Maaaaama imooooto iyaaaaaasha" uyamuzwa lomuntu ememeza sakudonseka , kuvele kuthi qwebu emehlweni kuMaXulu athi gubhu ahlale ngezinqa, sekugcwele abantu, sekumi nezimoto, avuke azibuke unomhuzuko lapha engalweni wopha igazi, azesule, imoto yakhe yabe isiqalile ukusha, asukume azithintithe usemahlikihliki ugcwele nezintuli ekhanda.
"Ndodakazi kubukeka sengathi ulimele ngena lapha emotweni yami ngikuphuthumise es'bhedlela" kusho lelikhehla eselimpunga ngisho ezindlebeni. Aqalaze kabili uMaXulu aqhugeze aqonde emotweni yekhehla, angene alale esihlalweni esingemuva, lingene ikhehla lidumise imoto "ungesabi Ndodakazi awulimele kakhulu, uzolulama ngokushesha, asibonge umphefumulo singabe sisayikhalela inqola, isayobuye ithengeke" kusho ikhehla lisusa imoto, laba ukuqhela nje endaweni yesigameko wavuka wahlala ngezinqa uMaXulu wabuka emuva, bahamba baze basithela elokhu eqalaza emuva, kuthe uma esebona ukuthi sebeqhele ngokwanele wakhala ngomchamo washo ukuzimoshela khona la, layibamba imoto ikhehla latatazela lavula isicabha lehla lavulela uMaXulu ukuba aphume, wehla kancane uMaXulu ubambelele kulo ikhehla alinake lutho nalo, lethuka ngoba eseliphusha uMaXulu ikhehla leNkosi laye lathi fulukuhlu phansi lalala amankeyane, waqonda emotweni ngejubane uMaXulu eyayivele iduma waphoseka phakathi wavala izicabha yayisuka ijika ibuyela lapho iqhamuka ngakhona, wathi uma eqhamuka ephosa amehlo kuleya ngozi yakhe, wakhangwa isiphithiphithi sabantu sekukhona nabomthetho ubona ngamalambu aluhlaza ephayiza, waqina isibindi uMaXulu waqonda ngqo khona, wedlula esebheke phansi ngemoto yekhehla, akafuni ukubonakala , uyay'bona lensizwa emvusile ixoxa nephoyisa libhala konke phansi, Wayishaya yazula imoto yekhehla uMaXulu wayengasenandaba nokunye usekhalela ukufika nje kuManyasa.
(Iyaqhubeka)
Click here to claim your Sponsored Listing.
