Zintaba International News-ZIN

Zintaba International News-ZIN

Share

sikuhlinzekela ngezindaba ezinoju

10/08/2026

Nibenzani abafazi babantu?๐Ÿ’” ngoba umuntu nomuntu kumele ebenomuntu wakhe๐Ÿ’”๐Ÿ’” abantu besifazane bebangaka madoda nifunani kwasebethathiwe?

Mina ngibona kuwukungazithandi nokungazihloniphi ukulala nomfazi womuntu,mina mangike ngezwa ukuthi ulala nabafazi babantu ubovele ukhohlwe ukuthi uyoke uyithole kimi inhlonipho ngiyohlale ngibona inja nje mangibona wena,anginayo inhlonipho yenja. Kunjengomfana olala nezigwegwana ebemncane yena,anginayo nje inhlonipho yaleso sibozi leso.

Photos from Zintaba International News-ZIN's post 09/08/2026

Kubaculi bakamaskandi kuyigugu ukuzishayelela imonto nokwaziwa nje ukuthi unemonto kukodwa lokho kuyigugu kumculi kaMaskandi,lokho kwenziwa idlela obebebukeleka ngayo phansi abaculi bakamaskandi kuthiwa amanamali futhi baqashwa ngemali encane yikho beshona behlupheka,manje umculi nomculi kaMaskandi uyathanda ukuthi yaziwe inzuzo akayithole ngomculo wakhe futhi ebonakale eseduzane nayo njengayo imonto.

Esikucelayo baculi bakamaskandi sicela ukuthi okungenani uma uzoyosebenza emcimbini othile kube nomuntu ozokushayelela imonto,sicela kube umthetho oqinile ukuthi umculi ngaphambi kokuthi afike emcimbini akabe esekhokheliwe I deposit money okuyilapho okuzophuma khona imali ezokhokhela umshayeli womculi,ngoba nabo bangabantu bayakhathala kumele bephumule.

Siyacela bafwethu akube umculi wokugcina lona olimala ngemonto esendleleni eyemsebenzini.
Baculi mhlampe ningazishayelela izimonto phakathi neviki uma nihamba izindlela zenu kodwa uma uzoya emcimbini thola umshayeli siyanicela

Ulale ngokuthula Scebi Inkosiyamagcokama Dlamini ๐Ÿ’”๐Ÿ’”๐Ÿ’”

Photos from Zintaba International News-ZIN's post 09/08/2026

Kodwa naye uNkulunkulu ubuye ephazame ngeke bakwethu emgwaqeni kunezinkabi ezisuke ziphuthuma ngezimonto ziyobulala abantu abangenze lutho kuzo,kungani uNkulunkulu engathathi zona ukunokuthi ezesithathele igugu lezwe elingaka pho? asikho nesisodwa isizathu sokuthi uNkulunkulu ubengenza lento noma ngabe kuthiwa wazi konke kodwa ubengenasizathu sokuthatha uScebi๐Ÿ’”๐Ÿ’”๐Ÿ’”๐Ÿ’”.

Khuzani KING Ndlamlenze Mpungose Ntencane Wamagitara Music MENZI MUSIC Mthandeni SK phephisani bafwethu ngyazi niyakhuluma nje phela ngoba ningamadoda kodwa kahle kahle akukhulumeki kunzima,nakithi sonke kunzima. Insizwa ebihlale izimamathekela njalo nje ubona ukuthi iwumuntu ongenanxa namuntu.

Ngyawucelela uMsinga wonke ukuthi uNkulunkulu engathi engaphinda uwuphe umculi oyokwenza njengo Scebi,efike nephimbo lakhe isitayela sakhe kanye nenhlonipho kubantu ephinde ethandwe ngumhlaba wonke njengo Scebi.Nkulunkulu senzeni kuwe๐Ÿ’”๐Ÿ’”๐Ÿ’”๐Ÿ’”

09/08/2026

Eish bafwethu silimele๐Ÿ’”๐Ÿ’”๐Ÿ’”๐Ÿ’”๐Ÿ’”

Photos from Zintaba International News-ZIN's post 09/08/2026

Hhawu! Hhawu! Hhawu! Hhawu! Bafwethu kamti emhlabeni kunjani makunjena? Nkosiyami๐Ÿ’”๐Ÿ’”๐Ÿ’”๐Ÿ’”๐Ÿ’”๐Ÿ’” waze wamncane Scebi mfwethu ukuthi kungathiwa awusekho emhlabeni,kwaze kwabuhlungu ngomfoka Dlamini Inkosi Yamagcokama Bafwethu.

Ususishiya kanjena nje mfwethu๐Ÿ’”๐Ÿ’”๐Ÿ’”๐Ÿ’”๐Ÿ’” isitsha esihle asidleli ngempela bafwethu makunjena, kuthiwa ushone engozini yemonto lapho abelibangise emcimbini e Richard's Bay,kwaze kwanzima.

08/08/2026

Shout out to my newest followers! Excited to have you onboard! Diana Brown, Alan Rossi Netto, Aviv David, Krystian Przybysz, Ganny Manyowa, Cabanga Mncwabe, Raรบl Leandro, Esgar Diz Zav, Yvenson Nazaire, ฮ ฮฑฮฝฯ„ฮตฮปฮทฯ‚ ฮœฮฑฮผฮฑฮณฮบฮฑฮบฮทฯ‚, Thabang Errence, BoyChartree Puebkhunthod, Sammy Udls, Billy Senne, Maxwell Chanda Mumbi, Nhlanhla S Moyo, Piyal Chan, Nonso Awo, Moses Kibombwe, Seba Bustos, Srdjan Mrsic, Zacki Wodaje, ้ปƒๆ”ฟๅ“ฒ, Maxwell Diza, Ken Edwards, Mangena Bekithemba, Macfren Simukoko, Osei Tutu Asare, Frank Ruiz, Lukeson Gwarazimba, Amilton Silva, Isaac Tshupetso Sejeso, Mademe Gueye, Bra Lue Bhungane, Db Az, Bigtor Ley Veltran Ley, DhrubaJyoti Hazarika, Lomagadvula Msibi, Lindo Nando's Tegu Sondiya, Matshoba Asanda Siphokazi MaMfene, Phe Nxumalo, David Adgidzi, Naibi Idris, Erlan Gomez, Suleiman Ahmed, Dieumerci Yaweh, Aaron Zuรฑiga Rosales, Chakkrit Onsnit, Paul Olaitan, Leon Kelly

06/08/2026

Isimo senhlalo asisesihle kudadethu sonke eMzansi owayethi wenza ubulungiswa bokuhamba nesoka lakhe lase Malawi ๐Ÿ‡ฒ๐Ÿ‡ผ,nangempela walifulathela elakuleli walidela walandela isoka lakhe manje kubikwa ukuthi isimo asisesihle kuleliyazwe uthi ucela abantu baseMzansi bamhlanganisele imali yokubuya uthi useyawushiya umendo wakhe kuleliyazwe.

05/08/2026

Xa ndikulingisa wena ubobetha๐Ÿ˜‚๐Ÿ˜‚๐Ÿ˜‚๐Ÿ˜‚๐Ÿ˜‚

Photos from Zintaba International News-ZIN's post 05/08/2026

Bengiyithatha kancane hhayi bafana bakithi imonto le ayihambi iyashibilika,inamandla injalo nje.

05/08/2026

Ibizwa nganike lena๐Ÿ˜‚๐Ÿ˜‚๐Ÿ˜‚๐Ÿ˜‚

Want your business to be the top-listed Beauty Salon in Durban?
Click here to claim your Sponsored Listing.

Category

Address


Umsinga, KwaZulu Natal
Durban