Sister Dee
, πΈ Welcome to Sister Dee's Page πΈ
A space for sharing rituals, spiritual tips, prayers, and words of encouragement. πΏπ―οΈβ¨
Spiritual awakening
28/07/2026
BRING HIM/HER BACK
ππ¨π¬ππ¦π π¨π π¨π‘π§π¨ π’π π§πππ‘πππ¬π’ β€οΈ
Bhala igama lakhe 3 times eith red pen.
Gcwalisa ibhodlela ngamanzi.
Songa iphepha ulibhekise kuwena, bese ulifaka ngaphakathi ebhodleleni.
Faka isipuni esisodwa sikasawoti njengophawu lokuzihlambulula.
Faka uju noma ushukela ukuze umnandi
Vala ibhodlela bese uyalinyakazisa ngesikhathi usho izinhloso zakho.
Biza igama lakhe 3 times
Gcina ibhodlela endaweni emnyama ngaphakathi endlini yakho isonto elilodwa.
πΏ Uma esebuyile kuwe, thela amanzi ngaphandle emvelweni.
28/07/2026
Susa Imimoya Emibi/Cleansing
Thatha 3 teaspoons ekhofi le-Trekker, ulibilise imizuzu embalwa. Faka one teaspoon madubula/shibhoshi kanye neglass eyodwa yobisi olusha (fresh milk), uhlanganise kahle. Geza ngalo nsuku zonke izinsuku ezi-5 zilandelana.
27/07/2026
Inbox me
27/07/2026
Kunowesifazane ohlale e-commenta aphinde a-like kuwo wonke ama-rituals engiwapostayo. Akaze aphuthe ngisho neyodwa. Ngifuna ukumbonga ngokungeseka kwakhe. β€οΈ
Cash Send is on the way, Mama. π₯°π
Pls inbox for Pin. π
25/07/2026
π€ Ungabekeli omunye umuntu izithiyo endleleni, ngoba awazi ukuthi kusasa izingane zakho nazo zingahamba khona. π―β¨
25/07/2026
VULA INHLANHLA YAKHO
Thatha umquba wenkukhu/chicken droppings/amakaka enkukhu
uwahlanganise namanzi ebhakedeni, bese uwashiya ubusuku bonke.
Ngakusasa, ngaphambi kokulala, geza ngalawo manzi.
Yenza lokhu izinsuku ezi-3 zilandelana, uthandaze usho izinhloso zakho. Lokhu kuvula izindlela namathuba.
25/07/2026
π₯ Thatha Izambane Ulivule Phakathi
Thatha izambane ulivule phakathi. Bese ubhala igama lomuntu okholelwa ukuthi uyakuhlupha ephepheni, ufafaze isinamoni (cinnamon) phezu kwegama lakhe.
Khuluma umthandazo noma isifiso sakho uthi:
"Abahlukaniswe nami, bahlukane negama lami."
Songa iphepha ulifake phakathi kwezambane, bese uyaligqiba emhlabathini. Uma usuhamba, ungabheki emuva. Akunankinga ukuthi uligqiba kuphi.
25/07/2026
Uma unecala noma udaba oluphathelene:
βοΈ Inkantolo yesintu.
βοΈ Icala lasenkantolo.
π‘ Ingxabano yefa noma yempahla.
π Imemorandamu noma olunye udaba olusemthethweni.
Noma iyiphi enye inkinga enzima edinga isixazululo.
πΏ Thatha amaqabunga ayi-7 omdumbula (cassava) ngesandla sakho sokudla. Wafake ngaphansi kwekhwapha lakho langakwesokudla bese uya nawo ekhaya.
π΄ Ngaphambi kokulala thandaza uwaphethe ngesandla, wafake ngaphansi komcamelo wakho. Zama ukukhumbula amaphupho akho uma uvuka.
βοΈ Ngosuku oya ngalo enkantolo noma lapho udaba lwakho luzolalelwa khona, wafake futhi ngaphansi kwekhwapha lakho langakwesokudla ngaphambi kokuphuma endlini.
π Khuleka usho izinhloso zakho, ucele ubulungiswa, umusa kanye nomphumela omuhle.
π Wagcine amaqabunga ngaphansi kwekhwapha lakho kuze kuphele udaba lwakho. Uma usubuyile ekhaya, wakhiphe amaqabunga uwalahle.
25/07/2026
Ufuna Ukubona Ophazamisa Impilo Yakho
Uma ufuna ukubona ukuthi ubani ovimba impilo yakho noma eyabantwana bakho, noma uzwe ukuthi yini ebambezela impumelelo yakho yenza lokhu:
Thatha iglass yamanzi.
Thatha 4 sticks zomatches
Phuza amanzi kancane.
Bese uthatha induku ngayinye ngayinye, uyibambe ngesandla uthi:
1. Ngifuna ukubona konke okuphathelene nempilo
yami. , bese uyayikhafulela ngaphambi
kokuyifaka emanzini:
2. Ngifuna ukubona konke okuvimba impilo
nempumelelo yami. Kungani ngingashadi
Kungani ngingasebenzi.
3. Kungani impilo yami ingaqhubekeli phambili
Ubani owonakalise umndeni wami
Ngifundile kodwa izinto zami zimile.
4. Kungani abantu engibathandayo bengangithathi.
Kungani imali yami iphela kalula
Kungani ngihlala nginezikweletu
Ngifuna ukukubona lokho ephusheni lami.
Khuluma ngezwi eliqinile nelinesibindi lapho usho amazwi akho.
Uma usuqedile, beka iglass yamanzi eduze kombhede wakho bese uyalala.
Uzophupha ubone konke ofuna ukukwazi.
Ungalali nomlingani wakho ngalobo busuku.
Ekuseni, thela amanzi nementshisi endlini yangasese bese ugeza ingilazi.
24/07/2026
π Ukubuyisa Ohlukene Naye π
Thatha amaqabunga omdumbula (cassava) ayi (7) uwomise.
Elilodwa ulibeke ngaphansi komqamelo wakho ulishiye khona kuze kube yilapho lowo muntu ebuya. Ngesikhathi ulibeka, khuleka noma usho inhloso yakho., ucele ukuthi lo muntu abuye ngokuthula, ngothando nangenhlonipho.
Ayi 6 uwashise abe umlotha, bese uwuchitha lapho lowo muntu evame ukudlula khona ubize igama lakhe. Uma ehlala kude, uwubeke ngaphansi kwesicabha sakho for a week.
Click here to claim your Sponsored Listing.
Category
Website
Address
Ennerdale
Johannesburg
ZA
